Poetic collages

Click on the images to see a larger version

Ukubusa Kwezinambuzane

Ngibubona utshani buthobathoba

Naphezu kwabo izinambuzane zisina

Emuveni kuyile ntaba ikhazimula

Ngamanzi ayo awa ikhala

Kusekuseni, izinyoni zivakashela

Isihlahla siziph’ amagatsha simile

Igama lale ndawo engilazi liyacasha

Kunelinye engingalazi liyacosha

Lolu xolo lugcinwe izinambuzane

Ezidika zicula ngezibalo zazo

Abekho abantu lapha ngobuninginingi

Kepha izilokozane zakhona ezibusayo

Amagam’ azo kakade sawalahla

Kude eziqongweni ngisazi zikhona

Lapho phezulu kungagibeli muntu

Hayi ngenxa yokweswel’ isibindi

Kodw’ asinyatheli lapho singafuni ukukubusa

Ekugcineni kwawami amagama, ngiphefumula


Inkondlo Yombuso Ongenagama

Bengizothi nampa la mandla asizungelezayo

Kodwa angabonakali emehlweni enyama

Kungukujonga ngomoya okwazi ukuthukulula emaqinisweni omhlaba

Nokukhipha okusanyongo yokusazibilini zomzimba wendawo

Bengizothi nansi indlela amandla abusa ngayo

Kalukhuni, kancane, kanzima, kamnene, ngokuba kude, ngokuba seduze, ngokuphatha, ngokuthanda, ngokukhulisa, ngokuqeda, ngokuphilisa, ngokubulala

Asuke phansi aya phezulu

Avela phezulu aqonde phansi

Ayawela, ayeqa, ayema, ayahamba

Aqale emuva aqhubeke phambili

Ame phambili ahlehlele emuva

Bengizokubonisa lokhu – konke kwalokhu!

Akubonakali ngaphandle kokuncipha kwamahlathi, nezimbila, nokungcola kwemifula namachibi

Nokwanda kwamadolobha, kwamakhukhu ezikhulu zikahulumeni, nezibalo zezimoto ezilwisana ukubusa isikhashana emigwaqweni

Ngithi mhlawumbe sesimbalwa nje esisakhumbula lapho utshani babusakhula khona

Sekwakhiwa manje ukuba kudayiswe izimpahla ezephukayo

Abasekho abasakhumbula lapho kwakusanda khona izihlahla zemvelo kungakabi bikho izimoba zobugqila


Emuva Kwethu

Acabe-ke mbila la mathambo owabafica embiwe emgedeni

Lo mpheme ngowakho manje, izolo ube ngowethu

La manzi ezikhukhula namachancala owawabalekela

Thina sadliwa yiwo nanxa ulwandle lwande lwaze lwasukuma phezu kunobude bomhume

Owaphenduka umlomo omkhulu wenhlanzi yetshe

Yidla-ke mbila ehamb’ ipholile

Nasi isihlabathi siphole sesimanziswa ozamcolo

Usulobile kuso ezakho izinyathelo phansi nasodakeni

Kwangathi wenze umfanekiso okhambeni

Licabe-ke mbila ithambo lekhanda lihleli enqwabeni

Andukuba kukhululeke isithunzi sami somphefumulo